Umbango wesikole ukhiphe isidumbu


BAHLALELE ovalweni othisha namalungu esigungu sesikole saseNazareth, eMzimkhulu, ngemuva kokubulawa ngokudubula udadewabo wesoka likathisha wasesikoleni sikathishanhloko owaziphonsa emfuleni waminza, nyakenye.
UNkk Khuthala Mfecane Jili (47) ongudadewabo wesoka lomunye wothisha besikole iPetros Jozana Primary, ubulawe ngokudutshulwa ekwakhe lapho ehlala khona nalo thisha ngeSonto ebusuku.
Kulesi sigameko kudutshulwe nendodana yakhe uSibongokuhle Jili (7) yalimala.
Kunezinsolo zokuthi ukudutshulwa kwakhe kuhlobene nezinkinga zakulesi sikole eziqale nyakenye.
Lo thisha (udadewabo wesoka likamufi) kuthiwa ungumngani welinye lamalungu esigungu esilawula isikole ayehamba phambili ethi akuxoshwe othisha ababili ababesolwa ngokuthi bathakathe uthishanhloko.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 MZANSI TRENDING - Thank . You For . Visting .