ZIKHALA ziyazithulisa izalulakazi namakhehla ezithathelwe umholo wazo wonke udonswa yinkampani esetshenzelwa ngowesifazane obetholakala emathoyilethi, ePhilani Valley Mall, eMlaza.
Abanye bathi sekuphele izinyanga bengaholi, imali yabo idonswa yinkampani ebolekisa ngemali i-Active Credit esetshenzelwa yilo wesifazane.
Bathi lo wesifazane ubegada abasuke behluleke ukuthola imali ezinkampanini ezimbili ezibolekisa ngemali ezisebenzela kule ndawo bese ecela ukubaboleka imali.
UNkk Temekile Nurse Mkhize waseFolweni uthe waboleka uR1 200 kulo wesifazane ngoNovemba. Ngemuva kokuthatha le mali uhola uR400. Izolo, bekungokwesine ekhokha le mali.
“Le ntombazane yangisiza, ngidinga imali kodwa manje okungiphethe kabi wukuthi imali isidonswa unomphelo, nayo angisayiboni. Angazi ngizofike ngithini kubazukulu bami abalindele ukuthi ngizobuya negilosa,” kukhala uNkk Mkhize.
Emoticon Emoticon