UMHOLI weqembu le-EFF, uMnuz Julius Malema, usephumele obala wachitha isicelo sikamengameli omusha wezwe ne-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuthi abuyele kuKhongolose.
UMalema uthe akaziboni ebuyela ku-ANC, ukusho lokhu ngemuva kokuthi uRamaphosa emcele ukuthi abuye kule nhlangano (ANC).
URamaphosa ubekhuluma edolobheni laseTshwane ngeSonto emkhankasweni wokuqgugquzela abantu ukuthi bavotele iqembu elibusayo.
"Sihlezi sikwazi ukwamukela abantu abasishiyayo beyosungula amaqembu abo. Sabamukela abanye abasishiya ngesikhathi kusungulwa iCOPE. Kanti sasenze okufanayo ngabanye abasishiya baya kwi-UDM, babuyile banathi manje.
Emoticon Emoticon