Kusazoshuba emdlalweni Uzalo kuFikile nesoka lakhe


WONKE umlandeli womdlalo Uzalo kulezi zinsuku, usashaqekile ngendlela umlingisi uFikile asengene ngayo ebugebengwini njengoba yena nesoka lakhe Sbu (Simphiwe Majozi) benza imali yomgunyathi.
Intokazi yaseNanda, uNelisa Mchunu (26), elingisa le ndawo ithi busazochitheka bugayiwe kulo mdlalo njengoba indawo eyilingisayo izoba nesifundo kwabesifazane abathanda izinto eziza kalula empilweni.

“Kungijabulisile futhi kwangenza ngathobeka ukulingisa iziqephu ezidlalayo njengamanje. Ngifunde okuningi njengokubona ukuthi baningi abesifazane abagcwele amajele ngenxa yokuthi bebesiza abantu abathandayo nabo bengacabangi ingozi yale nto abayenzayo.

“Ngiyacela abantu besifazane babuke lo mdlalo kulezi zinsuku, ukuze babone ukuthi ukuzimela kubaluleke kanjani futhi uthando lwemali eza ngezindlela ezingeyona luyinto engalungile, engagcina ikufake kwezinkulu izinkinga,” kuchaza uNelisa.

Uthe kulo mdlalo kuzobonakala ukuthi abantu besilisa babasebenzisa kanjani abesifazane ukuze bafeze izinhloso zabo.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 MZANSI TRENDING - Thank . You For . Visting .